IBlue Heaven ibandla likaNkulunkulu laseZion eliholwa nguBishop EN Buthelezi, eMondlo eVryheid. Lineminyaka engaphezu kwengama - 40 lasungulwa kanti lisakwazile ukuguqula izimpilo zabantu ngentshumayelo nangezwi likaNkulunkulu ngokwakha ama branch angu 12 iSouth Africa yonke...
Liphinde lidlulise izwi likaNkulunkulu ngomculo osezingeni eliphezulu njengoba linama Album amabili. Eyokuqala ephume ngonyaka ka 2011 esihloko esithi NAMHLA ELENGA. IAlbum yesbili isihloko sithi SHUMAYELA ephume ngonyaka ka 2016, kanti iyatholakala zinkalo zonke zezwe kulenombolo ethi 076 554 8113. Umculo waseBlue Heaven uyaqikelelwa ukuthi wenelisa wonke umuntu ongaphakathi njengoba sine chorus, nezihlabelelo kanti ama chorus leader ebandla ayaqikelela ukuthi iziphiwo zabazalwane zomculo akuhlalwa phezu kwazo, wonke umuntu uyalithola ithuba lokuziveza, kanjalo nongenalo ulwazi lomculo uthola izimfundiso ezanele ukuthi aphume eseqeqeshekile.
Bonke abazalwane bamukelekile ukubuza noma ngabe yini abafisi ukucosha ulwazi ngayo ngalelibandla njengoba kungelona elethu noma abathile kepha lingelikaNkulunkulu, udumo silunika kuye yedwa umfeli wethu. Amen